20 Noma kuyiphi indawo lapho nizwa khona ukubethwa kwecilongo, buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.”
21 Sase senza nathi umsebenzi wethu, inxenye iphethe imikhonto, kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi.
22 Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.”
23 Mina nabafowethu, nezinceku zami, nabalindi abangilandelayo, kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.