5 ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi.”
6 Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.
7 Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,
8 benza ugobe ukuba baye ukulwa neJerusalema, balilimaze.
9 Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.
10 UJuda wathi: “Amandla abathwalayo aphelile; amabibi maningi; asisenakuluvusa ugange.”
11 Abamelene nathi bathi: “Abayikwazi, abayikubona size sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi.”