1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.
2 Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.”
3 Babe khona nabathi: “Sibambisile ngamasimu ethu, nangezivini zethu, nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.”
4 Babe khona nabathi: “Sitshelekile imali yokuthela enkosini ngamasimu ethu nangezivini zethu.
5 Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”
6 Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.