12 Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.”Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.
13 Ngavuthulula ingubo yami, ngathi: “UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo; mabavuthululwe kanjalo, babe yize.”Lonke ibandla lathi: “Amen,” ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.
14 Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.
15 Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
16 Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.
17 AbaJuda nababusi, abantu abayikhulu namashumi ayisihlanu, badla etafuleni lami, kanye nabafika kithi bevela kwabezizwe abasizungezayo.
18 Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.