6 Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.
7 Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.
8 Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.
9 Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?
10 Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo.
11 Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”
12 Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.”Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.