1 Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,
2 oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi.
3 Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”
4 Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.
5 USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.
6 Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.
7 Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.”