67 ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.
68 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
69 amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
70 Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
71 Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
72 Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
73 Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo.Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.