4 U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.
5 U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.
6 U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: “Amen, Amen,” bephakamisa izandla zabo; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.
7 NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.
8 Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.
9 UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.
10 Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”