22 “Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.
23 Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.
24 Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.
25 Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.
26 “Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.
27 Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.
28 “Kepha sebephumulile, babuye benza okubi ebusweni bakho; wawusubashiya esandleni sezitha zabo, zaze zabusa phezu kwabo; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,