31 Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
32 “Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.
33 Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo, ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;
34 namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho, kabalalelanga imiyalo yakho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.
35 Abakukhonzanga embusweni wabo, nasebuhleni bakho obukhulu owabanika bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo owabapha lona ebusweni babo, ababuyanga emisebenzini yabo emibi.
36 “Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nokuhle kwalo, bheka, siyizinceku kulo.
37 Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu.