9 Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora,izwe lezimbabazane nelemigodi kasawotinencithakalo yaphakade;insali yabantu bami iyakubaphanga,nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10 Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo,ngokuba bathukile,bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
11 UJehova uyakwesabeka phezu kwabo,ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba,bakhuleke kuye,kube yilowo nalowo endaweni yakhe,zonke iziqhingi zezizwe.
12 “Nani maKusheniyakubulawa ngenkemba yami.”
13 Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,achithe i-Asiriya,alenze iNineve libe yincithakalo,lome njengehlane.
14 Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo,zonke izilwane zesizwe,ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo,isikhova sikhale emafasiteleni,kube khona incithakalo emigulugulwini,ngokuba wambulile okwemisedari.*
15 Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile,owathi enhliziyweni yawo:Mina ngikhona, akakho omunye;yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane!Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa,banikine isandla sabo.