2 Kajohane 1 ZUL59

1 Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,

2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.

3 Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.

Ukuyala ngothando

4 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.

5 Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.

6 Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.

Ukuxwayisa ngabakhohlisi nangomphikukristu

7 Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.

8 Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.

9 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

10 Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;

11 ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.

Isigcino

12 Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki,* kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.

13 Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe.

Izahluko

1