1 Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,
2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.
3 Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.
4 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.