14 Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane.
15 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi:“Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
16 Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,
17 ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;
18 nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”
19 Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.