1 Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.
2 Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu* kaNkulunkulu.
3 Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi:“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho,Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke;zilungile, ziqinisile izindlela zakhowena Nkosi yezizwe;
4 ngubani ongayikwesaba, Nkosi,adumise igama lakho, na?Ngokuba wena wedwa ungcwele,nezizwe zonke ziyakuzazikhuleke phambi kwakho,ngokuba izenzo zakho zokulungazibonakalisiwe.”
5 Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,
6 kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide.
7 Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.
8 Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.