6 Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.
7 Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.
8 Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.
9 Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.
10 Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.
11 Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.
12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.