10 Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi:“Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.
11 Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
12 Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”
13 Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.
14 Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.
15 Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.
16 Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.