15 Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.
16 Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.
17 Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.
18 Ngema esihlabathini solwandle.