6 Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.
7 Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,
8 kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini.
9 Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
10 Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi:“Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.
11 Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
12 Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”