1 Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.
2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.
3 Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;
4 bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?”
5 Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.