13 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.”“Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
14 Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.
15 Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”
16 Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba.
17 Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali.
18 Nenye ingelosi futhi yaphuma e-altare, inamandla phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuyo ebinesikela elibukhali, ithi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.”
19 Ingelosi yayisiliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.