7 isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”
8 Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”
9 Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: “Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,
10 naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.
11 Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.”
12 Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.
13 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.”“Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”