2 Eyokuqala yaya-ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.
3 Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa.
4 Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi.
5 Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,
6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”
7 Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”
8 Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.