13 wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu.
14 Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.
15 Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
16 Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi:INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
17 Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu
18 ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”
19 Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.