1 “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi:“Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:
2 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;
3 unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.
4 “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;
5 ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.