2 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;
3 unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.
4 “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;
5 ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.
6 Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.
7 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.
8 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi:“Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi: