6 Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.
7 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.
8 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi:“Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:
9 Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho -- kanti ucebile -- nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.
10 Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
11 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.
12 “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi:“Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi: