3 yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.
4 Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
5 Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.
6 Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
7 Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,
8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.
9 Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;