20 esesihlanu yisaridonikisi,* esesithupha yisardiyu,* esesikhombisa yikrisolithe,* esesishiyagalombili yibherile,* esesishiyagalolunye yitopazi,* eseshumi yikrisoprasi,* eseshumi nanye yihiyakinte,* eseshumi nambili yi-amethiste.*
21 Amasango ayishumi nambili ayengamaparele* ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.
22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.
23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.
24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;
25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;
26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.