22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.
23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.
24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;
25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;
26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.
27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.