5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”
6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.”
10 Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,
11 unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo,