1 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi:“Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.
2 Vuka ulinde, uqinise okuseleyo obekuzakufa, ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;
3 ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
4 “Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.
5 Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
6 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
7 “Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi:“Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi: