8 Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
9 Ahlabelela igama elisha, athi:“Ufanele wena ukuyithabatha incwadinokuvula izimpawu zayo,ngokuba wahlatshwa,wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakhoabavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
10 wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu,babuse emhlabeni.”
11 Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
12 zithi ngezwi elikhulu:“Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo,nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo,nenkazimulo, nesibusiso.”
13 Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”
14 Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.