1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.
2 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle,
3 yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”
4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:
5 Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
6 esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,