5 Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.
6 Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.
7 Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.
8 Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,
9 kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.
10 Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.
11 Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.