Izenzo
Izahluko 1:14-20
Ibhayibheli Elingcwele
14Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
15Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:
16“Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu,
17ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”
18 Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;
19kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.
20 Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi:“Umuzi wakhe mawube yihlane,kungabikho ohlala kuwo,”nokuthi:“Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.”