Izenzo
Izahluko 2
Ibhayibheli Elingcwele
Ukuthululwa kukaMoya oNgcwele
1 Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.
2Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
3Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.
4Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
5Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;
6kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
7Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
8Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?
9AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,
10naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,
11nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”
12Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”
13Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”
Intshumayelo kaPetru
14Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.
15Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini;
16kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:
17 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;
18yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.
19Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulunezibonakaliso emhlabeni phansi,igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.
20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,inyanga ibe yigazi,lungakafiki usuku olukhulunoluqhamileyo lweNkosi.
21 Kuyakuthi yilowo nalowoobiza igama leNkosi uyakusindiswa.’
22 “Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,
23yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;
24lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.
25Ngokuba uDavide uthi ngaye:“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,ngokuba ingakwesokunene sami,ukuze nginganyakaziswa.
26Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,nolimi lwami luyethaba;ngisho nenyama yami iyakuhlalangokwethemba.
27Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*futhi awuyikuvuma oNgcwele wakhoabone ukubola.
28Wangazisa izindlela zokuphila;uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’
29 “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.
30Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,
31ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.
32UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;
33ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
34Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami,
35ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’
36 “Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”
Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu
37 Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”
38 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
39Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”
40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.”
41Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.
Ibandla laseJerusalema
42 Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
43Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.
44Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke;
45bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo.
46Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,
47bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.