4 kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami.
5 Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”
6 Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?”
7 Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe;
8 kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
9 Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.
10 Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe,