Izenzo
Izahluko 10:12-18
Ibhayibheli Elingcwele
12Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.
13Kwavela izwi, lathi kuye: “Vuka, Petru; hlaba, udle.”
14 Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”
15 Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.”
16Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.
17UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni,
18amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.