21 UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”
22 Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”
23 Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.
24 Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.
25 Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.
26 Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.”
27 Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.