Izenzo
Izahluko 10:35-41
Ibhayibheli Elingcwele
35kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.
36Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.
37Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke, liqalile eGalile, emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane
38lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.
39 “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.
40Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wamnika ukuba abonakale,
41kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.