Izenzo
Izahluko 10:4-10
Ibhayibheli Elingcwele
4Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?”Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.
5Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;
6yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.”
7Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo,
8wabalandisa konke, wabathumela eJopha.
9Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.
10Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi,