Izenzo
Izahluko 10:8-14
Ibhayibheli Elingcwele
8wabalandisa konke, wabathumela eJopha.
9Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.
10Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi,
11wabona izulu livulekile nesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane.
12Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.
13Kwavela izwi, lathi kuye: “Vuka, Petru; hlaba, udle.”
14 Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”