Izenzo
Izahluko 11:26-30
Ibhayibheli Elingcwele
26kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.
27 Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.
28Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.
29Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.
30Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.