2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
3 Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.
4 Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.
5 Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.
6 Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,
7 owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu, umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu.
8 Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.