23 Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe;
24 engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.
25 Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’
26 “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;
28 nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.
29 Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.