36 “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.
37 Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.
38 Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose
39 yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
40 Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:
41 “ ‘Bhekani nina zideleli,nimangale, ninyamalale,ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,umsebenzi eningayikukholwa yiwo,nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”
42 Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.