37 Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.
38 Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose
39 yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
40 Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:
41 “ ‘Bhekani nina zideleli,nimangale, ninyamalale,ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,umsebenzi eningayikukholwa yiwo,nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”
42 Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.
43 Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.