23 Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.
24 Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya.
25 Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.
26 Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile.
27 Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.
28 Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.