Izenzo
Izahluko 14:4-10
Ibhayibheli Elingcwele
4Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.
5Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe,
6bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,
7bashumayela khona ivangeli.
8 EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.
9Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,
10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.